Kulindelwe lukhulu kuMqeqeshi weManchester United uMichael Carrick oseqashwe ngokuphelele kuleli qembu.UMichael ubebambe njengeBamba ngeSizini edlule lapho enze khona ezibukwayo nokuphoqeleke ukuba leli qembu limqashe ngokuphelele.Emdlalweni eyi 19 uCarrick unqobe eyi13,wadlala ngokulingana kwemine,wehlulwa emdlalweni emibili kuphela.Lo Mqeqeshi uqede iSizini iqembu lakhe lisendaweni yesithathu nokuyindawo enhle kakhulu ngoba lizodlala kwiChampions League ngeSizini ezayo.UCarick usayine inkontileka yeminyaka emibili,ezophela ngowe 2028.Okwamanje ubengakabavezi abadlali azoqinisa ngabo isikwati sakhe,ubengakabavezi futhi nazobadedela.
Kulindelwe lukhulu kuMichael Carrick