Ngokusho kweENCA ibika ukuthi usededeliwe umsolwa oneminyaka eyi23 obekade eboshelwe ukubulala uNhlamulo Sambo(19).UNhlamulo ongowokuzalwa eGiyane eLimpopo wabulawa ngeSonto eledlule kwaNonqaba eMossel Bay.Ngokomndeni wakhe bathi uNhlamulo wabulawa ngoba engumTsonga endaweni yamaXhosa.Umndeni wakhe uthi wakhishwa endlini ngabantu abangaziwa ababethi ukuleli ngokungemthetho bamhudula bayombulalela endaweni ethe ukuqhela nalapho ayeqube khona. Umndeni wakhe uthi wabulawa ngoba esolwa ngokuthi ungowokufika kuleli.Kanti ngakolunye uhlangothi amaPhoyisa athi ukubulawa kukaNhlamulo akuhlangene nemibhikisho eqhubekayo edudula abokufika kuleli.AmaPhoyisa athi uNhlamulo wabulawa ngoba yena nomngane wakhe bebanjwe oqotsheni bentshontsha izinto emkhukhwini wendoda thizeni khona kwaNonqaba.Kuthiwa babhadanywa umnikazi womkhukhu uqobo owahubha uNhlamulo waze wamfica,wathi lapho esemficile wabe esemgwaza amanxeba amaningi washonela endaweni yesigameko.Umngane wakhe yena kuthiwa wazisindiswa ngokucasha ngaphansi kombhede.Okwalandela lapho kwaba wukuboshwa komsolwa oneminyaka eyi23.Nguyena okuthiwa usededeliwe namuhla ngesizathu sokuthi amaPhoyisa ethi abukho ubufakazi obumeyamanisa nokubulawa kukaNhlamulo.Umndeni wakhe usamile kwelokuthi uNhlamulo wabulawa ngoba esolwa ngokuthi akayena owakuleli.
Usededeliwe umsolwa kwelokubulala uNhlamulo Sambo