Owabe eyiSitobha seChelsea kanye neNgilandi uJohn Terry usechome uPhaphe lweGwalagwala umdlali wakuleli uMbekezeli Mbokazi naye oyiSitobha.UTerry uqashwe yiNkampani yakwaSupersport ukuba ahlaziye imidlalo eMiqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba phecelezi iWorld Cup oqhubeka eMexico,eCanada kanye naseMelika.Umfoka Terry uchome uMbokazi uphaphe lweGwalagwala ngemuva komdlalo wayizolo lapho iBafana iguqiswe khona yiMexico ngamaGoalie amabili eqandeni.UTerry uveze ukuthi uMbokazi ufanelwe wukuyodlala emaLigini amakhulu kakhulu hhayi lena akuyona njengamanje okuyiLigi yaseMelika.UTerry uqhube wathi uthanda nokuzethemba kukaMbokazi uma ebhekene nabagadli abasezingeni eliphezulu,uqhube wathi uthanda nendlela uMbokazi athatha ngayo ibhola kubagadli.UTerry ubengaqali ukuncoma uMbokazi,wake wamuncoma nangaphambilini khona kuSupersport.Umqeqeshi uHugo Broos yena ufanisa uMbokazi noVincent Kompany owake wagijima kwiManchester City.Umdlalo weBafana Bafana olandelayo uzoba ngoLwesine neCzechia,kanti ngomhlaka 25 aBafana Bafana bazodlala neSouth Korea eshaye iCzechia izolo ngamaGoalie amabili kwelilodwa
Inkakha yeChelsea ibabaza ikhono likaMbokazi