Namuhla wusuku okwazalwa ngalo uBaba uSolomon Kalushi Mahlangu iqhawe loMzabalazo wenkululeko.Ukuba usaphila uBaba uMahlangu ngabe namuhla uhlanganisa iminyaka engama70.UBaba uMahlungu wabe eyiLungu loMkhonto weSizwe ebuye abe yiLungu likaKhongolose iANC.Wake wahlala eXai Xai eMozambique ngesikhathi soMzabalazo lapho yena nozakwabo babecijwa,befundiswa ngayo yonke imininingwane yezezimpi.Ngo1976 waba yingxenye yabafundi baseSoweto bangomhlaka June 16 wodumo,lapho abafundi babhikishela khona ukufundiswa ngoLimi lwesiBhunu.Leyo mibhikisho yagcina isiphenduke izibhelu,kwagcina kudutshulwe kwabulawa inqwaba yabafundi.Lolo suku namuhla luyiHolidi lapha eNingizimu Afrika.NgoNhlangulana ka 1977 uBaba uMahlangu kanye nomnngane wakhe uBaba Monty Motaung baboshwa ngamaPhoyisa oBandlululo,icala labo lalimayelana nokudutshulwa kwabasebenzi baseWarehouse okuthiwa babedutshulwe uBaba uMotaung.UBaba uMahlangu wagcina elengisiwe ngomhlaka 6 kuMbasa 1979.UBaba uMotaung yena waphunyuka kulelo cala,uze washoba ngo2006.
Khumu!