Usegwetshiwe umbulali kaDJ Warras

Ezingena manje zithi uArmido Pacula owadubula wabulala uDJ Warras ngoZibandlela nyakenye usegwetshiwe.Kuthiwa ugwetshwe iminyaka engama 25 ebhadla eJele kulandela ukuvuma kwakhe icala.Kuthiwa lo mfana ongowukudabuka eMozambikwe ulivumile icala,washo nokuthi yena nomunye umsolwa osagcwele izinkalo babekhokhelwe imali bekhokhelwa uMthethowakhe Majola okuthiwa uwuNgqondongqondo kuleli cala.UMajola naye usezikhindini kodwa kuze kube manje kuthiwa usaphika aze alale ngomhlane ukuthi uyabandakanyeka kuleli cala.UWarras wadutshulwa wabulawa nyakenye phambi kweBhilidi iZambesi House okusolakala ukuthi laliduniwe.Kuthiwa uMajola uyena owayenguNgqondongqondo kulokho kuqhwagwa kwaleli Bhilidi.UMajola noPacula besebevele kaningana enkantolo yaseGoli,uMajola ongokudabuka kwelaseSinquthu ubesezame kaningana ukufaka isicelo sebheyili kodwa echithwa.UWarras owabe enguSaziwayo,wayeke wasebenzela inkampani iSABC ethula izinhlelo khona,wabuye wasebenzela noMsakazo i-YFM.Kamuva nje ubesesungule iNkampani yoNogada ebegxile kakhulu ekukhipheni abantu abangena ngenkani eMabhelidini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *