Umbuso uthi makangayitholi ibheyili umsolwa ohamba phambili kwelokubulala uMshayisbhakela uZolani Tete. Lo msolwa ogama lakhe linguUzuzole Goqwana uhamba ngesihlalo esinamasondo.UVeze ukuthi uhleli kuWheel chair nje wadutshulwa ngonyaka odlule ngoJulayi.Uveze nokuthi wake waba sebudlelwaneni bezothando nowabe engunkosikazi kaTete uThuliswa Potwana ,uthi lobo budlelwano baqala ekuqaleni konyaka ofile,kwathi ngoJulayi wangonyaka odlule yena noThuliswa badutshulwa ngabantu abangaziwa besemotweni.Uthi lokho kudutshulwa kwakhe yikhona okuyimbangela yokuthi ahambe ngesihlalo esinamasondo namuhla.Uthi uThuliswa naye walimala kodwa wabuye walulama.Uveze ukuthi ngenkathi bedutshuliwe akufikanga neyodwa iAmbulance izobalanda.Kodwa kuthe sekudutshulwe uTete kwafika amaAmbulance amahlanu.Umbuso uthi umsolwa akufanele athole ibheyili ngoba uzobaleka kwazise ngenkathi ezoboshwa wabanjwa esikhumulweni sezindiza esehamba.Bane abasolwa kuleli cala lokubulala uTete owake waba uMpetha wabaShayisbakela.
Umbuso uthi makangayinikwa ibheyili umsolwa owuNgqondongqondo kwelokubulala uZolani Tete