Selihlehliselwe umhlaka 11 kuMandulo icala likaBafana Mahungela osolwa ngokubulala umsolwa osolwa ngokubulala uKirsten Kluyts uThisha waseDelta Park High School eSandton. Lesi sigameko senzeka ngo2023.Umbuso waveza ivido ekhombisa uMahungela esuka endaweni lapho kwakushonele khona lo Thisha,esefake isikibha sikamufi esiluhlaza okwesibhakabhaka.UMahungela waphika walala ngomhlane ukuthi uyathinteka ekubulaweni kukaKluyts.Namuhla bekulindeleke ukuba iMantshi ikhiphe isigwebo kodwa ngenxa yokushoda kobunye ubufakazi icala libe selihlehliselwa kumhla ziyi 11 kuMandulo(Sepethemba).UMahungela uneminyaka eyi 23 manje.UMahungela selokhu aboshwa ngawo unyaka ka 2023,akaze aphume.Ngaleso sikhathi wabe engumfundi wase Varsity College eSandton.
Khumu!