Bawotha ubomvu abadlali beRoyal AM kulandela ukungayinuki imiholo yangoDisemba

Kubikwa ukuthi abadlali beRoyal AM batelekile kulandela ukungaholi kwabo enyangeni kaZibandlela (Disemba) .Ukuteleka kwabo kuphazamise nomdlalo wabo neChippa United obekufanele udlalwe ngoMsombuluko ebusuku kodwa wagcina uhlehlisiwe. Kuvela ukuthi i-Royal AM ixhumane neSAFA yacela ukuba kuhlehle lo mdlalo ngenxa yalesi Siteleka ebesivele sesiqalile. Leli qembu laseMgungundlovu liphethwe uNkosikazi Shawn Mkhize obhekene nenkinga enkulu yokukweleta abakwaSARS izindodla zezimali ezilinganiselwa ku-R40 million . Kanti futhi leli qembu lisahamba izinkantolo ngecala elithinta owake waba umdali walo  u-Samir Nurkovic manje osegijima kwiSupersport United .Lo mdlali osewalwedlulisela kwiFIFA udaba lwakhe , ukhala ngokuthi leli qembu limkweleta imali engango R15 million .Uma i-Royal AM itholakala inecala kulolu daba luka-Nurvovic izopoqeleka ukuba imkhokhele u-Nurkovic lowo R15 million , kungenjalo izobhekana nesigwebo esake sabhekana neKaizer Chiefs sokungasayinisi abadlali okwesikhathi esingango nyaka . Izolo uNkosikazi Shawn Mkhize ukhiphe iSitatimende eKhasini leqembu lakhe likaFacebook ekuqinisekisa ukuthi impela iqembu libhekene nezinkinga zokungaholi kwabadlali kwinyanga kaDisemba . ESitatimendeni sakhe okaMavovo uthembisile ukuthi inkinga yemiholo izoxazululwa maduze

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *