Ngokwemibiko yabezindaba kubikwa ukuthi amaqembu amabili okuyiKaizer Chiefs kanye neSuperport asezingxoxweni zokushintshisana ngabadlali ababili ,oChristian Saile kanye noTashreep Morris . Bobabili laba badlali bangabagadli , uSaile ungumgadli weChiefs kanti uMorris yena ugijima kwiSupersport United . Kamuva nje abezindaba bake bakhomba uSaile kwiChippa United , asazi noma imizamo yeChippa ibuye yabhutsha. UMorris oneminyaka engamamshumi amathathu (30) uke wagijima kwiSekhukhune United , kanti kwiSupersort ufike ngoMfumfu (Okthoba) wangonyaka odlule ngemuva kokusayina njengoMdlali ongenayo iKilabhu(Free Agent). ISupersport yamsayinisa ngenhloso yokuvala isikhala sikaBradley Grobbler owayelimele . UMfoka Morris owake wagijima nakwiCape Town City kulindelele ukuba aye kwiSivivinyo kwiChiefs , ahlolwe ukulimala .Uma ephumelela lokho kobe kusho ukuthi uyoba umdlali wokuqala osayiniswe yiChiefs kuleli Windi likaMasingana(Januwari) elisavuliwe , eliyovalwa ngomhlaka 29 kwephezulu . Ngokusho kwabezindawo kuthiwa uMqeqeshi weChiefs uyikhonzile le nsizwa yakwaMorris, kuthiwa uthanda indlela ecindezela ngayo izitobha .
Izimpukane eziluhlaza zithi iChiefs neSupersport zizoshantshana ngabadlali