UDonell Mbele oyindodana yoMlingisi uSonia Mbele ubhekene namacala amabili okudlungula intombi yakhe. Ngokusho kwentombi yakhe ithi uMbele wayidlwengula amahlandla amabili , ihlandla lokuqala kwakuwumhlaka 14 Zibandlela (Disemba) , waphinde wayidlwengula nangomhlaka 15 Zibandlela . Ithi intombi yakhe ngehlandla losibili kwehlula ngisho isikhala ithi makayiyeke ngoba ayithandi kodwa yena waqhubeka wayindlwengula waze waqopha nakho konke okwakwenzeka. UMbele akaqali ukuzithola esenkingeni nengalo yomthetho ngoba nango2022 wake waboshelwa icala lokushaya uReokeditswe Makete owabe eyintombi yakhe ngaleso sikhathi. Ngenkathi kusaqhubeka lelo cala unina uSonia Mbele wakhipha iSitatimende wathi ngeke acheme nendodana yakhe -umthetho kuzomele udlale indima yawo. Lelo cala lagcina liphelele emoyeni ngesizathu sokuthi uMakete wagcina engasalubhadi eNkantolo. Unina ka Donell uSonia wake walingisa kwiGeneration edlala indawo kaNtombi Khumalo kanti manje udlala emdlalweni iBlood and Water.Ubuye abe uMdidiyeli we The Real Housewives of Johannesburg . UDonell udedelwe ngeBheyili ka R1000 ededelwa yi-Matshi yeNkantolo yase Randburg. Uzobuye aphindele eNkantolo efanayo mhlaka 10 kuNhlolanja (Febrwari)
Indodana ka Sonia Mbele kwelokudlwengula