Sigcine sidaluliwe isizathu sokubhutsha kokuthengwa kweRoyal AM

Izolo ngoLwesine mhlaka 27 kuNdasa(March)kusabalale imibiko ebithi uSomabhizinisi waseThekwini uMnu Chockalingam Roy Moodley usethenge iqembu leBhola iRoyal AM,kodwa kuthe uma kuhlwa kwamenyezelwa ukuthi ukuthengwa kwaleli qembu laseMgungundlovu sekubhutshile.Ngokusho kwePhephandaba iSunday World kuthiwa isizathu sokubhutsha kokuthengwa kwaleli qembu kube wukuthi iNkampani iGlobal Investments ephethwe umndeni wakwaMoodley ihlulekile ukhokha imali obekuvunyelwane ngayo kwaze kwedlula isikhathi ebesinguMnqamlajuqu okuwu10 ekuseni bayizolo.Leli qembu laseMgungundlovu lalikade liphethwe uSomabhizinisi wesifazane uShauwn Mkhize kodwa wagcina elephucwe ngabakwaSARS ngenxa yokuthi ubakweleta imali yeNtela elingaselwa kuR40million.Lezi zindaba zokubhutsha kokuthengwa kweRoyal AM zisho ukuthi leli qembu lisaseNdalini namanje.Imidlalo yonke yeRoyal AM yahlehliswa,leli qembu selokhu lagcina udlala mhlaka 29 Disemba(Zibandlela)mhla lishaywa yiTS Galaxy ngo3-1.

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *