Ngokwemibiko yabezindaba kubikwa ukuthi uSomabhizinisi waseThekwini uChockalingam Roy Moodley usethenge iqembu lebhola laseMgungundlovu iRoyal AM.Leli qembu liphethwe ngowesifazane uShauwn Mkhize ubhekene nezinkinga zemali ezibandakanya nokukweleta abakwaSARS.Kahle-hle kuthiwa yibona abakwaSARS abadayise leli qembu ukuze bakhokheleke isikweletu sabo esilinganiselwa kuR40million.Kuthiwa abadlali baleli qembu bathole imibiko ngezicingo ebibayalela ukuba baye eJimini namuhla kwazise beseside isikhathi bengajimi ngesizathu sayo le nkinga,kanti nemidlalo yabo ibisihlehliswe yonke ngisho neyeNedbank Cup imbala.Kuthiwa lesi siqumama saseThekwini esibuye sibe yilungu loMkhonto weSizwe sithembise abadlali baso ebomvu imali uma bengakwazi ukuvika izembe kwazise ingcindezi izoba ngenhla kakhulu kubona ngoba besemuva kakhulu ngokwemidlalo futhi besebenesikhathi eside bagcina ukudlala.Akukaziwa ukuthi ngabe leli qembu lizofudukela eThekwini yini noma lizoqhubeka lidlala imidlalo yalo yasekhaya eHarry Gwala Stadium.Leli qembu lagcina ukudlala mhla lehlulwa yiTS Galaxy ngo3-1 mhlaka 29 Desemba ngonyaka odlule.Kanti umdlalo walo ozolandela ungomhlaka 5 Aprili neMagesi FC,nokho kusalindelwe inhlangano yePSL ukuba iqinisekise ngokukhipha iStatimende.
Khumu!