Abasolwa ababili obekuthiwa bayathinteka ecaleni lokubulala ngesihluku nokushisa aBaqaphi boMphakathi eMjondolo yaseMarry Me eSoshanguve eTswane sekuvele ukuthi abathinteki kuleli cala kepha bathinteka kwelinye icala lokubulala elenzeka ngomhlaka 21 kuNhlolanja khona eMarry Me.Babuye bathinteke nasecaleni lokuphatha isibhamu esingekho emthethweni.NgoMgqibelo mhlaka 22 Mashi(Ndasa)uMphakathi waseMarry Me wavuka nezindaba ezibuhlungu zokubulawa kwaBaqaphi bawo abayisithupha (6)ababulawa ngokudutshulwa baphinde bangqongqiswa ngomlilo.Kanti kamuva nje uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBaba uMchunu wethule inkulumo nabezindaba ebika ukuthi mayelana nalelo cala sekuboshwe isigebengu esineminyaka eyi27 eseyisizalwane saseZimbabwe esikuleli ngokungemthetho esithinteka ecaleni lokubulawa kwaBaqaphi boMphakathi.Okusuke kwaba yindida kulolu daba wukuthi izolo mhlaka 26 Mashi lo msolwa kanye nomunye oneminyaka eyi50 okungadalulwa ubuzwe bakhe bavele eNkantolo yasePretoria North Magistrates Court kwavela ukuthi bobabili abathinteki ecaleni lokubulawa ngesihluku kwaBaqaphi boMphakathi,okusho ukuthi ababulali basagcwele amaThafa namanje.Okhulumela NPA esifundazweni saseGauteng uNkosikazi Lumka Mahanjana okuqinisekisile ukuthi laba basolwa ababili abathinteki ecaleni lokubulawa ngesihluku nokushiswa kwaBaqaphi boMphakathi kodwa bathinteka ecaleni langomhlaka 21 February(Nhlolanja)lapho kuthiwa laba basolwa bagqekeza ngenhloso yokuphanga endlini thizeni khona eMary Me babulala nomuntu kuleyo ndlu abagqekeza kuyona.Icala lalaba basolwa lihlehliselwe umhlaka lulunye kuApril.Lona waseZimbabwe ubuye wethweswa necala lokuba kuleli ngokungemthetho.
UMthombo walolu dabu yiDaily Sun Newspaer.