UKhomishana wamaPhoyisa uthi azoyikhotha yomile amaPhoyisa aqhuba inkohlakalo

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni saseGauteng uJenene Timothy Mthombeni ukhwele wadilika emaPhoyiseni akhohlakele wathi azoyikhotha imbenge yomile.Uthi uzosebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi wonke amaPhoyisa aqhuba inkohlakalo ayavalelwa maqede uphoswe kude ukhiye.Lokhu ubekusho ngenkathi exoxa nabezindaba endaweni yaseDiepsloot izolo ebusuku lapho bekuqhubeka khona umkhankaso wamaPhoyisa owaziwa ngelikaOperation Shanela okuwumkhankaso lapho kuzingelwa khona iZephulamthetho ezindaweni ezahlukahlukene zezwe.Lamazwi uMthombeni uwakhulume ngenkathi ebuzwa ngeVido esabalale kakhulu ezinkundleni zokuxhumana lapho bekubonakala amaPhoyisa abefake uMfaniswano wakwaSAPS kanye nabefake owakwaMetro Police ephanga imoto yemali yakwaG4 Security.Le moto yemali ivinjwe kwiSivimbamgwaqo mbumbulu.UJenene uMthombeni uthi sebekhona abangamaLungu abo asebeboshiwe mayelana nalolo daba lokuphangwa kwemoto yakwaG4 Security.Kanti futhi sekuboshwe nabanye abangawona amaPhoyisa beboshelwa lolo daba lokuphanga imoto yemali.Ube esexwayisa amaPhoyisa athinteka enkohlakalweni ukuthi ayeke ngoba azobanjwa maduze.Uqhubeke wathi sekuboshwe amaPhoyisa ayisikhombisa ngamacala athinta inkohlakalo  ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule.Namuhla kusihlwa umkhankaso weOperation Shanela uzobe useEldorado Park okuyindawo ubugebengu budlange ngendlela eyisimanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *