Izolo ngoLwesine iqembu lesizwe laseKenya elicijwa uBenni MacCarthy litholene phezulu neqembu laseGambia khona lena kwelaseGambia.Le midlalo edlalwa manje eyokuhlungela iWorld Cup 2026 ezobanjelwa emazweni amathathu okuyiMelika,iCanada kanye neMexiso ngawo unyaka ka 2026.Kulo mdlalo wayizolo lamazwe amabili adlale ngokulingana,ngamaGoli amathathu ngapha ngamathathu ngalena.IKenya idlale kahle kakhulu kulo mdlalo kwazise leli qembu lithole ithuba elilodwa nje vo lokuzilolonga.Kulo mdlalo kube yiGambia evalele amaGoli kuqala amabili esihombeni sesibili.Elokuqala ilishaye ngomzuzu ka 55 kwathi elisibili yalishaya ngomzuzu ka62.Zabuya-ke ezikaBenni zashaya iGoli lokuqala ngomzuzu ka 69,zaphinde zashaya elokulinganisa ngomzuzu ka75.Ngomzuzu ka84 iGambia ibuye yahamba phambili kulandela ukushaya kwayo iGoli layo lesithathu,kwathi ngesikhathi esengeziwe sika96 iKenya yashaya elokulinganisa.NgeSonto iKenya izobheka neGabon ekhaya eKenya.IGabon yiyona eqwakele esicongweni saleli qoqo ngamaphuzu ayi12 emidlalweni eyi5.Izolo iGabon ibhaxabule iSeychelles ngamaGoli amathathu eqandeni khona eGabon.ISeychelles yiyona esemsileni kuleli qoqo, iqoqo F.IKenya isendaweni yesine,inamaphuzu ayisithupha emidlalweni emihlanu.Leli qoqo linamaqembu ayisithupha(6)
Emdlalweni wakhe wokuqala uMcCarthy ubuye nephuzu ekuhambeni