Uyatholakala umkhondo weZintatheli ezanyamalala

Kuboshwe abasolwa abahlanu(5)ezindaweni ezahlukene zakwaMhlanga eMpumalanga ngamacala athinta ukunyamalala kwezintatheli ezimbili eziyizithandani eselokhu zanyamalala mhlaka 18Febhurwari.INtatheli uSibusiso Aserie Ndlovu nesithandwa sakhe uZodwa Precious Mdhluli selokhu banyamalala ngalo lolu suku kuze kube namuhla kabakatholakali.Nokho sekubekhona inqubekelaphambili ophenyweni lwamaPhoyisa ngoba sekuboshwe abasolwa abahlanu ngamacala athinta ukunyamalala kwalezi zithandani,kuthiwa laba basolwa batholakale nempahla yasezindlini yalezi zithandani ezinyamalele kanye noMazisi kaZodwa.Kubikwa ukuthi bonke abasolwa bayizizalwane zalapha eNingizimu Afrika,kubikwa nokuthi oyedwa wabo uyisihlobo somndeni wakwaNdlovu okungumndeni kaSibusiso.Kuvela nokuthi ushayela nenye yamaTekisi alezi zithandani,NgokweStatimende samaPhoyisa kubikwa ukuthi umuzi walezi zithandani osendaweni yakwaMhlanga watholakala ugqekeziwe ngosuku okwanyamalala ngalo lezi zithandani,kuthathwe nempahla yasendlini esingabala kuyo oMabunakude,izimpahla zokugqoka nokunye.Bonke laba basolwa sebevilile enkantolo yakwaMhlanga,kuthiwa bavele kulo leli viki esikulona.Kuthiwa lona oyisihlobo uqhamuke enkantolo elimele ezingalweni,edumbe nehlo.Kuthiwa inkantolo ithe uma imubuza ukuthi kungani edumbile waphendula ngokuthi ushaywe amaPhoyisa.Kuthiwa kuthe uma ubuzwa ukuthi ngabe uyawavuma yini amacala ethweswe wona waphendula ngokuthi cha akazi lutho.Laba basolwa bathweswe amacala esengabala elokuthumba,elokugqekeza,kanye nelokuntshontsha.Lezi zithandani zingabaphathi kanye nabasunguli boMsakazo iCapital Live  FM eseMamelodi eTshwane.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *