AmaPhoyisa aseNingizimu Afrika asephume inqina yokuyozingela ababulali bakaOlorato Mongale owabulawa ngesonto emini.OLorato ubengowesifazane obeneminyaka eyi30,obefunda eNyuvesi yaseWits eGoli,ehlala eSandton.Ubebuye abe uSomabhizinisi.Ngesonto esisuka kulona wabikwa emaPhoyiseni njengomuntu owayenyamalele kulandelela ukulandwa kwakhe ekhaya lakhe eSandton ngowesilisa okubikwa ukuthi babehlangane eBloemfontein.Ngokusho komndeni kuthiwa lo mlisa walanda uOlorato ngoba emkhipha,beya kwisidlo sasemini.Umndeni wabikela amaPhoyisa ngokunyamala kukaOlorato kulandela ukuvalwa kocingo lwakhe kuphele isikhashana elandwe yilo mlisa okuthiwa wazethula njengoJohn koNogada balapho bekuhlala khona uOlorato.Okunye ukwabangela ukuthi umndeni ube nezinsolo ngalo mlisa wukuthi waqhamuka ehlehlisa imoto yakhe ngoReverse okwaba sobala ukuthi wayengafuni ukuthi abonakale ubuso bakhe.AmaPhoyisa athi ngenkathi eqala uphenyo lwawo athola ukuthi inombolo yemoto okuyiWV Polo eyayibhaliswe esanngweni koNogada yayingeyomgunyathi.Umzimba kaOlorato watholakala ngesonto endaweni yaseLombardy West buqamama naseAlexanda.AbakwaSidlodlo-ke babe sebesenzisa imininingwane ababenayo ukuphenya leli cala,bagcina belitholile leli Polo belithola kwiPanel beater esePhoenix eThekwini.Litholakale linegazi esihlalweni sasemuva.Sekukhishwe namagama abasolwa abathathu okusolwa ukuthi yibona kanye ababulale uOlorato.Labo abasolwa uFezile Ngubane,uPhilangezwi Sibongokuhle Makhanya kanye noBongani Mthimkhulu.Kubikwa ukuthi kuboshwe neKhehla elingumnikazi waleli Polo okubikwa ukuthi lunguBaba womunye babasolwa.
AmaPhoyisa asephume inqina yokuyozingela ababulali bakaOlorato