Iqembu lebhola laseSoweto iOrlando Pirates selimemezele uAbdslam Ouaddou(46) njengoMqeqeshi walo omusha.Le nsizwa edabuka kwelaseMorocco ibikade icija iqembu leMarumo Gallants elithathe livika izembe ezansi kweLigi yalinyusa laqeda iSizini lihleli kunombolo 10.UOuaddou uvala isikhala sikaJose Riveiro obekade ecija leli qembu ngeSizini edlule,manje ucija iqembu laseGibhithe iAl Ahly eyake yacijwa uPitso Jingles Mosimane.UOuaddou uhlule uRhulani Mokwena wakuleli ekuthatheni lesi sikhundla ngoba naye bekubikwe ukuthi usohlwini lwabahlawumbiselwa ukuthi bazocija ezikaMagebhula.UOuaddou wadlalela iqembu le nsizwe laseMorocco amahlandla ayi68 kanti wake wadlala phesheya edlalela amazwe ahlukene esingabala kuwo iFrance.Kulindeleke ukuba uOuaddou atheleke kuleli ekupheleni kweviki kwazise ezimnyama zizoqala amalungiselelo eSizini ezayo ngomhlaka 27 June.Iqembu le Orlando Pirates liphinde lamemezela ukuthi lizophikelela e Marbella,eSpain maduze lapho lizobe lilungiselela khona iSizini ezayo.Lizodlala namaqembu aseEurope esingabala kuwo iBolton Wanderers yaseNgilandi,iPafos yaseCyprus,iLas Palmas kanye neGranada zombili ezaseSpain.
EzikaMagebhula sezimemezele uAdbeslam Ouaddou njengoMqeqeshi omusha weqembu