Intombazane yaseKagiso ithembisa lukhulu kumaKrestu athanda iNgqephu

UThandi Ntuli oyintombazane eneminyaka eyisishiyagalo lunye(19)uthembisa lukhulu kumaKrestu akhonze iNgqephu.UThandi uneBrand(uphwu lwempahla)yakhe ebizwa ngokuthi uJesuslvsU Clothing eyenza kahle kakhulu eKagiso eGoli okuyindawo ahlala kuyona.UThandi wayiqala ngoNcwaba wango2023 le Brand ngenkathi ekuMatekuletsheni.Uthi ngenkathi eyiqala wayeseduze kakhulu nenkosi uJesu kwazise wayesanda kuqeda uzilo(fast)olubizwa ngokuthi Fast of Daniel okuwuzilo olungenelwa ngamalungu ebandla akhonza kulona.Le Brand ikhanda izikibha,amakepisi amajesi,izinkomishi kanye nokunye okuhle ngendlela eyisimanga.Ekhuluma nePhephendaba le Daily Sun uThandi uthiĀ  isizathu esikhulu okuyisona esamenza wasungula iBrand yakhe ukunxusa noma ukudonsa intsha ukuba ize enkosini uJesu ayichaze njengomngane oqotho engxoxweni yakhe.UThandi manje usonyakeni wesibili eBoston City Compass khona eGoli,wenza iBachelor of Commence in Marketing.UThandi uthi maduze nje uzovula istolo oniline esizosekelwa inkampani eyaziwa ngeWix.com.IBrand ka Thandi i-JesuslvsU Clothing iyatholaka ezinkundleni zokuxhumana uTikTok,uFacebook kanye noInstagram.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *