Kudutshulwe kwabulawa inyanga edumile endaweni yasePhelandaba kwaMhlabuyalingana enyakatho yesifundazwe sakwaZulu Natal.Lo Melaphi wendabuko ubedume ngelikaGod’olulala amaNkankane Mthembu.Ngokwemibiko yabezindaba kuthiwa kufike amadoda angaziwa kwakhe izolo ebusuku ngehora leshumi afike avululela izulu lezandla abulala uMkhulu uMthembu.UMkhulu uMthembu ubeke avale kakhulu ohlelweni lukaBaba uAyanda Msweli ekhombisa abantu inyama eningi asuke eyithengele amakhosikazi akhe ayishumi nanhlanu.Eminyakeni edlule uMkhulu uMthembu wazakhela ugazi kubantu baseNingizimu Afrika ngokubophisa udade owayezama ukumudayisela ingane enebala elimhlophe.Oka Ndina ka Mnisi ubebuye abe uSomabhizinisi,ubenenqwaba yamaTekisi kanye nolayini bawo khona kwelaseButhonga,eManguzi.Ngonyaka ophelile okaMnisi wathenga ulayini osuka emngceleni waseMozambikwe uze nganeno.Akagcinanga lapho okaNdina,wabuye wathenga neBhasi elikhulu likaMesedisi.Ibingakaziwa imbangela yokubulawa kwale nsizwa yaseBathenjini kodwa kusolwa yona impi yamaTekisi.UMthembu ushiye emhlabeni amakhosikazi akhe ayishumi kanye nezingane.
Kudutshulwe kwabulawa inyanga edumile kwaMhlabuyalingana