AmaPhoyisa aseGoli adubule ababulala abasolwa abathathu abasolwa ngokuthumba oSomabhizinisi.Lokhu kwenzeke endaweni yaseParktown ngasemgqaqeni uSt Andrews Road namuhla emini.Kuthiwa amaPhoyisa abalendela umkhondo wezigebengu ezathumba uSomabhizini waseChina ngoNhlangulana wakulonyaka.Kuthiwa amaPhoyisa abone imoto esolisayo futhi efana ncamashi neyezigebengu azifunayo.Kuthe uma eyimisa leyo moto izigebengu ebezingaphakathi zavele zavulela ngezulu lezandla.Aphindisela-ke nawo amaPhoyisa kwasala enkundleni izelelezi ezintathu,kwathi ezinye zalimala kanzima.Ezimele zithunyelwe esibhedlela,ziqashwe ngabakwaSidlodlo sikhuluma nje.Kubikwa kuthi lezi zigebengu besezihluphe kakhulu edolobheni laseGoli ngakho ukuthumba oSomabhizinisi maqede zifune ebomvu imali yokukhulula izisulu.Kuthiwa kamuva nje zike zazama ukuduna imoto yomunye uSomabhizinizi ongazange ame,waqhubeka ehamba waze wayoshayisa enye yezimoto zezigebengu madede waphuma wacela empunzini ngezinyawo.Omunye wabasolwa abalimele kuthiwa uyathinteka ecaleni lokuphangwa kwemoto yemali elenzeka eSebokeng ngowe 2003.Impela icala kaliboli umuntu engajezile.Osabambe isikhundla sikaKhomishana wamaPhoyisa aseGoli uFred Kekana uthi ezinye izigebengu zikwazile ukubaleka ngenye imoto.Lezo zigebengu zona kubikwa ukuthi azizange zizame ukudubulana nabakwaSidlodlo.UKekana wethembisile ukuthi nazo zizobanjwa nje maduze.
Khumu!