Kuboshwe abayisikhombisa ngecala lokubulala ngesihluku endaweni yaseBetterlife ngasePhillippi eKapa.Kuthiwa laba abayisikhombisa bagasele komunye wemizi yakule ndawo bafike bavulela ngenhlamvu babulala abantu abayisikhombisa ababekade bekulomuzi.Lokhu kwenzeka ngolwesihlanu lwangomhlaka 17.Kuthiwa kulaba ababoshiwe kukhona nabafana abasebancane kakhulu okumele ngabe basangena iskole.Bonke laba abashonile kubikwa ukuthi bebeqashile kulo muzi.Kulokhu kuhlaselwa kwasinda ababili.Kuthiwa oyedwa wabo(owesilisa) walala phezu kwezidumbu wazishaya ngathi ufile,kwathi lona omunye yena kuthiwa igumbi lakhe abalivulanga abasolwa.Ikhansela lakule ndawo libonge kakhulu ithimba labakwaSidlodlo elilusukumele phezulu lolu daba,labopha abasolwa namuhla emini.USophazi uphinde wakhala ngokwesaba kwabantu bakulendawo ukukhipha ulwazi ababekade benalo ngalezi zelelesisi,abalugodle kusukela ngolwesihlanu baze baludedela izolo ngesonto.Nokho uphinde wathi akakhali kangako ngoba nabo besabela izimpilo zabo.Ngenkathi amalungu omphakathi ephawula ngalolu athe asehlezi lubhojozi ngoba akholelwa ekutheni abangane babasolwa kusengenzeka bahlasele futhi.
Khumu!