Zilokhu zikhale njalo izincingo kwiAgent kaMbokazi

 

I-Agent ka Mbekezeli Mbokazi uBasia Michaels uthi zilokhu zingene njalo izincingo ezivela emaqenjini amakhulu aseEurope zifuna iKlayenti lakhe uMbekezi Mbokazi.Lokhu kwenzeka kulandela ukwenza kahle kakhulu kweTLB(uMbokazi) emqhudelwaneni wendebe yomhlaba ka2026.UBasia ubexoxa nentatheli yeDiski Times uLorenz Köhler,ize engawadalulanga amagama amaThimu aseEurope kodwa uBasia utshele uLorenz ukuthi iKlayenti lakhe lifuniswa okwamaGwinya ashisayo ekuseni.Uqhube wathi okwamanje usazidla amathambo engqondo,usahlanganisa u1 no2 ukuze abone ukuthi uphuma nani.Kodwa uyakuqinisekisa ukuthi iTLB izodlala eEurope maduze.IWindi laseEurope lisavuliwe okwamanje kwazise lavulwa ngomhlaka 15 kuNhlangulana(June),liyoze livalwe mhlaka lulunye kuMandulo(1 September).IPhephanda iDiski Times liyatholakala online,ikhona iAPP yalo kuGoogle Stores

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *