Ulwela impilo yakhe esibhedlelela udadewabo kaPastor Mjosty ngenxa yokuhlaselwa umfundisi wokufika

 

Udadewabo kaSomahlaya uPastor Mjosty ulwela impilo yakhe esibhedlela kulandela ukuhlaselwa umfundisi wakhe  waseBurundi okuthiwa umugwaze amanxeba amaningi impela kangangokuthi kuyimanje usegumbini lamagula kakhulu esibhedlela.Kuthiwa isizathu esenze lo mfundisi wokufika ahlasele udadewabo kaPastor Mjosty wukuthi uMjosty weseka imibhikisho yeMarch and March eholwa uJancinta Ngobese Zuma.Lo mfundisi uboshiwe usesitokisini njengamanje,kubikwa nokuthi izolo uke wazama nokuzikhunga.UPastor Mjosty ogama lakhe lokuzalwa linguMjostana Mbhele uthi bona njengomndeni basalinde udadewabo ukuba aphaphame bese ebachazela ukuthi yini eholelele kulesi sehlakalo esibuhlungu kangaka.Ngokusho kukamshana oyingane yesisulu uthi lo mfundisi wake wabuza uMama wakhe ngokweseka iMarch and March kukaPastor Mjosty.Lo mfundisi waseBurundi kuthiwa izolo ubehayiza isitokisini,ehayizisa okumuntu ongaphilile kahle ekhanda.UPastor Mjosty unguSomahlaya obuye abe wuMculi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *