I-Yanga kaManqoba Mngqithi igaqele abadlali bePSL

Iqembu laseTanzania iYoung Africans FC edume kakhulu ngeleYanga FC kubikwa ukuthi igaqele abadlali ababili abadlalia kwiLigi yakuleli iPSL.Labo badlali ngoThulani Gumede ogijima kwiRichard’s Bay kanye noJustice Figuareido ogijima kwiChippa United.Laba badlali bobabili bayizethenjwa emaqenjini abo.IYanga isanda  kuqasha uManqoba Mngqithi wakuleli njengoMqeqeshi wayo omusha.UManqoba obecija iArrows ngeSizini edlule kuthiwa ungumlandeli omkhulu walaba badlali.UFiguareido ominyaka ey 27 usedlali imidlalo eyi 111 ohambweni lwakhe lukaNobhutshuzwayo,usevalele phakathi amaGoli ayi 11,kule midlalo ukhandele abanye amaGoli ayi8.Ngakolunye uhlangothi uGumede naye wenza ezibukwayo kwiRiachard’s Bay.Sizolokhu sinethula izindaba ezithinta laba badlali oGumede noFiguareido.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *