UBaxter noMosimane kwesokuqeqesha iZimbabwe

 

Abaqeqeshi bebhola asebeqine ukhakhayi oStuart Baxter kanye noPitso Mosimane kuthiwa bangabanye babaqeqeshi abahamba phambili kwesokucija iqembu lesizwe laseZimbabwe elisanda kuxosha umqeqeshi uMichael Nees ongokudabuka kwelaseJalimana okhonjwe indlela emavikini ambalwa edlule.Akucaci noma laba abaqeqeshi bawafakile yini amaCV noma qha kodwa ezivela kwelaseZimbabwe zithi inhlangano yebhola yakuleliya zwe eholwa uNqobile Magwazi ibagaqele kabi laba baqeqeshi ababili.UBaxter akanalo iqembu alicijayo njengamanje,selokhu ahlukana neqembu lasePortugal iBoavista FC ngoJuneĀ  2025.Ngokunjalo noPitso naye uhlezi ekhaya,wagcina ukuqeqesha ngoMasingana nonyaka,wagcina ecija i Esteghlal FC yaseIran.UNees wehluleka ngamalengiso kuleli qembu laseZimbabwe,wanqoba imidlalo emibili kuphela kweyi14,esikhathini esiyizinyanga ezi15 asichitha ecija leli qembu.UMengameli wenhlangano yebhola yaseZimbabwe eyaziwa ngeZIFA uNqobile Magwizi ukubeke kwacaca ukuthi umqeqeshi bamdinga ngokuphuthuma okukhulu kwazise uMqhudelwano waseAfrika ususeMome,uzoqala ngoZibandlela(Desemba)wawo lonyaka esikuwona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *