UAngelo Agrizzi uzodonsa isigwebo sakhe esekhaya

 

Inkantolo ephakeme yaseGauteng izolo igwebe owabe enguCOO wakwaBOSASA uAngelo Agrizzi iminyaka eyishumi ngecala lokukhwabanisa imali yale nkampani eyiR1.8billion.Inkantolo inqume ukuthi uAgrizzi adonse isigwebo sakhe ezihlalele emzini wakhe ngenxa yesimo sakhe sempilo esintengantengayo nangenxa yokuthi wenza isivumelelo nombuso ukuthi uyokhuluma konke angagodli lutho.Kuthiwa isimo sempilo kaAgrizzi ayizange ibe yinhle kusukela ngosuku aboshwa ngalo ngonyaka ka2019.Ubelokhu engene ephuma ezibhendlela kanti uke wahlala kakhulu egumbini labagula kakhulu kulandela ukumelwa kwakhe yinhliziyo.Kuthiwa lo R1.8billion uAgrizzi wawukhwabanisa phakathi kuka2004 kuya ku2007,kwabe kuyimali yamaThenda athinta ezasemaJele.Inkampani iBOSASA yavalwa ngawo u2019 ngenxa yakho lokhu kukhwabanisa okwakuthinta nezikhulu zikaKhongolose kanye nezeDA.Le nkampani yayihlinzeka ngezinto ezidingwa yiziboshwa emaJele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *