Zitheleke ngeNdiza zadilikela eKing Shaka izemalani zakwaNdimande uMalusi noSiyabonga abasolwa ngokuthinteka kwelokusocongwa kukaMrepha wakuleli uAKA kanye nomngane wakhe uTebello ‘Tibz’Motsoane ngoNhlolanja(Febraury) ka 2023.Lezi zelamani ziwuMsinsi wokuzimelela kwelaseSwatini.UKierman Forbes owayedume ngelikaAKA wadutshulwa wabulawa umuntu ongaziwa enkathi ephuma endaweni yokucima ukoma ngakuFlorida Road eThekwini ngo2023.Kuso leso sigameko kwabulawa nomngane wakhe uTebello owazama ukubuleka kodwa ngeshwa izigebengu zagcina zimtholile.Emva konyaka owodwa uMkhuzi wamaPhoyisa akwaZulu Natal wamemezela ukuthi kukhona abasolwa abasebeboshiwe,kanti kukhona nabanye abasagcwele amathafa okuyizona lezi zelamani zakwaNdimande.UNdonga wabuye waveza nokuthi kwaba khona imali engangoR800 000 eyacazelwana ngabasolwa okuhlanganisa nazo lezi izelamani zakwaNdimande.Ngokusho kukaNdonga kuthiwa lemali abasolwa bayabelana kusanda kubulawa oAKA.UMkhulumeli wamaPhoyisa kuZwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe ubonga kakhulu uHulumeni waseSwazini osebenzisane kahle kakhulu nabezomthetho bakuleli ukuze kubuyiswe lezi zelamani ukuze zizobhekana namacala azo kuleli.Uqhube wathi phakathi kwalezi zelamani kusolakala ukuthi kukhona okunguyena owadubula wabulala uAKA,okunguyena owadonsa itrigger.Ukufa kukaAKA kwabukwa yizwe lonke kwazise iVido eyayiveza ukudutshulwa kwakhe,eyayicaphunwe amaCamera akuleya ndawo yasabalala kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.UMathe uphinde waveza nokuthi lezi zelamani zibuye zithinteke futhi nakwamanye amacala ayi24,uzichaze ngokuthi zingabantu abaziphilisa ngokubulala abanye abantu.Kulawo amacala kukhona nelokubulala uSomatekisi waseManzimtoti owabulawa ngo2022,kwathi inkosikazi yakhe yona yasinda ngokulambisa.
Sezithelekile kuleli izelamani zakwaNdimande ezithinteka kwelokusocongwa kukaAKA