Lihlehliselwe isonto elizayo icala lomculi waseLimpopo

 

Umculi waseLimpopo uLehlogonolo Katlego Chauke(30)owaziwa ngelikaShebeshxt emculweni usesitokisini kulandela ukuboshwa kwakhe izolo mhlaka 12 Novemba ngecala lokuzama ukubulala.UChauke uvele kancane namuhla enkantolo yeMantshi yasePolokwane.Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 21 Novemba(Lwezi),kuzobe kuwuLwesihlanu.Kuthiwa ngenyanga edlule ngomhlaka 19 Ockthoba(Mfumfu) kwaqubuka ingxabano phakathi kukaChauke nomunye umshayeli ngasemgwaqeni uWiltklip eLandanna.Kuthiwa isimo sashuba impela kangangokuthi uChauke wagcina edonse isibhamu wadubula lowo mshayeli esihlathini.Lowo mshayeli oneminyaka engama34 wabe eseya kwabomthethwa ukuyovula icala.Zibe sezimkinatela-ke izolo ezikaDalawana umfoka Chauke.Ngenkathi evele namuhla enkantolo abameli bakhe abazange bafake isicelo sebheyili,bayosifaka ngawo umhlaka 21 Novemba.Okwamanje uChauke uzoqhubeka esezikhindini.Kuvela nokuthi le nsizwa yakwaChauke ayiqali ukuphambana nengalo yomthetho ngoba nango2022 yake yaboshelwa ukuzama ukubulala kulandela ukugwaza kwayo omunye umfo endaweni yokucima ukoma  eLebowakgomo khona ngakubo eLimpopo.Kanti ngonyaka ka 2023 uChauke waphinde waboshelwa ukushaya alimaze isihlobo kanye nokucekela phansi impahla ngoba kuthiwa mhla waleso sigameko wavulela ngenhlamvu endlini yalowo mndeni kwacekeleka phansi impahla.Kuleso sigemeko wabuye wethweswa necala lokusebenzisa budedengu induku yamagwala.Wonke lawo macala agcina echithiwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *