Kushone abayi11 engozini enyantisa igazi

Kushone abantu abayishumi nanye engozini enyantisa igazi eyenzeke namuhla ekuseni endaweni yaseSiphingo eThekwini buqamama naseLoftus Park,ngakuR35.Kule ngozi kubandanyeke itekisi kanye neLoli.Abantu abashonile bekungabagibeli betekisi.Kubikwa ukuthi leli tekisi belilayishe ngokweqile.Ngesikhathi uMkhulumeli wabosizo oluphuthumayo uMnu Garrith Jameieson ekhuluma nabezindaba ekuseni ukuqinisekisile ukuthi isibalo sabashonile simi ku11,uphinde waveza nokukuthi abosizo oluphuthumayo beFire Brigade bebasazama ukutakula umshayeli ubevalelekile etekisini kodwa esaphila.Umgwaqo uR35 uke wathi ukuvalwa isikhathi eside kodwa usuvuliwe manje.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *