Ngokusho kwabezindaba kubikwa ukuthi uPitso Mosimane nguyena ozothatha izintambo kwesokucija iBafana Bafana uma uHugo Broos esebeke phansi amaTomu.UBroos akubeka kwacaca ukuthi uzothatha umhlalaphansi kwezikaBhutshuzwayo ngemuva kweNdebe yomhlaba eqhubeka eCanada,eMelika kanye naseMexico.Kuthiwa uPitso nguyena ohamba phambili ekuvaleni isikhala sikaBroos,kubikwa ukuthi uzoqoka uManqoba Mngqithi njengeSekela lakhei,UPitso noManqoba bake basebenza ndawonye okwesikhathi eside impela laphana kwiMamelodi Sundowns baze badla neNkanyezi yaseAfrika iCAF Champions League.ISAFA yona ibingakaphawuli ngalolu daba.UManqoba naye usanda kulaxaza uSisi Manto laphana kwiGolden Arrows.Ukushiya kukaManqoba kuBafana beSithende kumangaze abaningi kwazise wenze kahle kakhulu ngeSizini edlule.UPitso wake wayicija iBafana ngaphambilini.
Bakhonjwa eqenjini lesizwe oPitso noManqoba