AmaPhoyisa aseGoli asekuqinisekisile ukuthi sekuboshwe umsolwa wesibili ecaleni lokusocongwa kukaDJ Warras owasocongwa ngoZibandlela odlule phambi kwebhilidi iZambesi House okusolakala ukuthi liduniwe.Lo msolwa ongowukudabuka eMozampique uboshwe izolo ebusuku ngezithuba zo8 emjondolo wakhe endaweni yasePrimrose,eGermston.Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule kwaboshwa uVictor Majola Mthethwa mayelana nokubulawa kukaWarras.UMajola usevele ezikhawu eziningana enkantolo ngenhloso yokucela ibheyili kodwa elokhu echithwa,kuhlele necala.Kuzokhumbuleka ukuthi amaPhoyisa ayethe kwiVido kuvela amadoda amathathu okuthiwa abonakala exoxa ngaphambi kokuba oyedwa wawo edubule uWarras.Njengoba sekuboshwe ababili nje kusho ukuthi oyedwa wabo osagcwele amathafa.Kwakubikwe nokuthi oyedwa wabo unemiyeko.Umkhulumeli wamaPhoyisa aseGoli uBragadier Brenda Muridili ukuqinisekisile ukuboshwa kwalo msolwa.Waveza nokuthi uphenyo beluholwa ngabakwaProvincial Investigation Unit bebambisene nabakwaCrime Intelligence kanye namaPhoyisa omgwaqo aseKurhuleni.Lo msolwa uzovela enkantolo ngoMsombuluko mhlaka 2 kuNhlolanga(February).
Sekuboshwe umsolwa wesibili kwelokubulawa kukaDJ Warras