Lihlehliselwe inyanga ezayo icala likaDludla

Ubevele kancane namuhla enkantolo yase Vanderbijlpark uAyanda Biggie Dludla owayeshayela iKhwantamu elabandakanyeka engozini enyantisayo eyabulala izingane ezi14 ezaziya eskoleni.UDludla ubhekene namacala ayi14 okubulala kanye namathathu okuzama ukubulala kwazise kwalimala izingane ezintathu kule ngozi.UDludla selokhu angena ngoMasingana esitokisini nokuyilapho kwenzeka khona le ngozi.Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 22 kuMbasa(April).Kuzokhumbuleka ukuthi uDludla wayeke wavela enkantolo efanayo ngoMasingana icala lakhe labe selihlehliselwa osukwini lwanamuhla.UMmeli ka Dludla utshele abezindaba ukuthi impilo kaDludla  ithanda ukuba nzima ezikhindini kwazise uyaqala ukuboshwa.UDludla uneminyaka eyi22,ungowakhona eVaal.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *