Iqembu leANC eThekwini Branch livakashele umuzi kaNgizwe Mchunu osanda kushiswa ngabantu abangaziwa.NgeSonto eledlule mhlaka 10 Meyi kuthiwa kwafika abantu abangaziwa kulo muzi kaMchunu oseMbumbulu.Kuthiwa bafike bacela uMchunu owayengekho ngaleso sikhathi eseGoli.Kuthiwa laba bantu bakhuluma nomakhalwane okwathi uma sebehambile kwasala kuqubuka intuthu emzini kaMchunu kwasha zonke izindlu kwasala eyakwaGogo.Kuthiwa unkosikazi kaMchunu naye wayengekho eseKapa.Iqembu likaKhongolose livakashele kulo muzi lafike lesula uMchunu izinyembezi ngeVoucher kaR10 000 yempahla yokwakha okuthiwa eyaseHardware thizeni.Ubekhulumela uKhongolose ngaleso sikhathi uphinde waveza ukuthi kukhona okunye abakuphathele uMchunu kodwa ngeke bakudalule esidlangalaleni.UMchunu uyaziwa ukuthi ungumlandeli omkhulu waleli qembu.
I-ANC ivakashele emzini kaNgizwe Mchunu