Uvele namuhla enakntolo yaseMzimkhulu uZweliphansi Skosana(55)osolwa ngokuba ngomunye woNgqondongqondo kwelokubulala uSindiso Magaqa owayenguNobhala weANC Youth League.UMagaqa washonela esibhedlela ngo2017 kulandela ukudutshulwa kwakhe amahlandla amaningi esemotweni yakhe endaweni yaseMzimkhulu eNingizimu yesifandazwe sakwaZulu Natal.Abanye ababesemotweni ngenkathi kudutshulwa uMagaqa uNonsikelelo Mafa kanye noJabulile Msiya.USikosana wayeyiMeneja yeDolobha laseMzimkhulu ngenkathi kubulawa uMagaqa.Wayeke waboshwa ngo2018 mayelana nalo icala lokubulawa kukaMagaqa kodwa wabuye wadedelwa kulandela ukusulwa kwecala ngenxa yokungabikho kobufakazi obabuqanda ikhanda.Ngaleso sikhathi wayeboshwe noMluleki Ndobe ongasekho.USikosana uboshwe izolo ngoMsombuluko eThekwini.Lokhu kulandela ukugwetshwa komsolwa uSibusiso Ncengwa ogwetshwe iminyaka eyi25 ngecala lokubulala uMagaqa.UNcengwa wagonyuluka watshela inkantolo ngakho konke okwenzeka ngo2017,wabasho bonke oNgqondongqondo abathinteka ekubulaweni kukaMagaqa.Abanye abasolwa abathintekayo uSbonelo Myeza noMbulelo Mpofana.Umsolwa wesine uMlungisi Ncalane kutholakele ukuthi akakulungele ukuma ebhokisini ngesizathu sokuphanjanelwa ikhanda.Ekhuluma nabezindaba owayengumngane kaMagaqa uThabiso Zulu uthe ukholwa wukuthi kusekhona abanye abasolwa abathinteka ekubulaweni kukaMagaqa ngaphandle kwalaba asebevelile ngoba uyezwa kuthiwa kukhona uR600 000 owaphuma kumuntu owayezinze eGoli,ngakho-ke kumele avele lowo muntu owakhipha lowo R600 000,UZulu uqhube wathi uzwile futhi nokuthi kukhona namaPhoyisa athintekayo mayelana nokuthengwa kwemoto yohlobo lukaMesedisi kanye neAK47 owasetshenziswa ukubulala uMagaqa.UZulu uthi balindele ukuthi kuboshwe abanye abasolwa maduze.USikosana uzobuye avele ankantolo yaseMzimkhulu mhlaka lulunye kuNcwaba(August)
Uvele enkantolo umsolwa osolwa ngokuba nguNgqondongqo kwelukubulala uMagaqa