IBafana izobhekana neCameroon koweLast 16

Sezeqhathiwe ezizodlala esigabeni seLast 16 emqhudelwaneni weAfcon oqhubeka eMorocco.IBafana Bafana izobhekana nezwe laseCameroon ngeSonto ebusuku ngezithuba zika21:00.Lesi sigaba esibizwa ngeLast 16,sinamaqembu ayi16.UMkhumulajesi lona,owehlulwayo ugeza ijesi uphindela ekhaya.Sesiphelile manje isikhathi sokudlalela amaphuzu eqoqweni.NgoMgqibelo mhlaka 3 Masingana kuzodlala iSenegal neSudan ngo18;00 ntambama.Bese ngo21:00 ebusuku kudlale iMali neTunisia.NgeSonto ntambana ngezithuba zika18:00 kuyodlala iMorocco neTanzania.Bese iBafana Bafana neCameroon zidlale ngo21:00.NgoMsombuluko mhlaka 5 Masingana iEgypt izodlala neBennin ngo18:00.Bese ngo21:00 ebusuku kudlale iNigeria neMozambique.Lama qembu amabili iBafana Bafana neCameroon selokhu agcina ukudlala ngeAfcon ka 2016 lapho ashayana aze abukana ngescore sika0-0.UMqhudelwano weAfcon uzophela ngomhlaka 18 kuMasingana ngo21:00 lapho kuzodlalwa khona owamanqamu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *