Useboshiwe umsolwa wesine kwelokubulala umshayeli weE-Hailing

Ezingena manje zithi usezinikele emaPhoyiseni umsolwa osolwa ngokubulala umshayeli we E-Hailing uIsaac Satlat owabulawa ngokweklinywa waze washona esemotweni wakhe.NgoLwesihlanu olwedlule kuboshwe umsolwa wesifazane mayelana nalo leli cala.Lo msolwa owaboshwa ngoLwesihlanu nguDikeledi Mphela owabonakala kwiVido eyacashunwa yiDashboard Camera elekelelana nokwesilisa ukubulala uMufi.Izolo kuboshwe abanye abasolwa besilisa oGoitsione Machidi kanye noMcClaren Mushwana.Bobathathu laba basolwa bebevele namuhla enkantolo.Balaxaze ithuba labo lokufaka isicelo sebheyili,babuye bacela noMmeli kaHulumeni.Inkantolo ibike ukuthi bazobuye bavele futhi enkantolo ngomhlaka 23 Nhlolanja okuyisonto elizayo.Lona oboshwe namuhla ongumsolwa wesine yena kubikwa ukuthi uzovela kusasa enkantolo.Kusenjalo abazali bakaMufi bacela inkongozelo yokuthumela ithambo labo eNigeria.Bacele imali ewuR70 000.Ngokusho kwabo abomndeni ka Isaac namuhla ekuseni bathi besekutholakale imali elinganiselwa kuR24 000.Bathi iningi labantu abalule izandla ngabantu balapha eNingizimu Afrika.Bedlulise okokhulu okubonga ngalokho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *