Isililo ezweni laseZimbabwe kulandela ukushona kwezikhulu ezintathu zeqembu le Highlanders FC elizinze kwaBulawayo eNingizimu yezwe laseZimbabwe.Kubikwa ukuthi lezi zikhulu zishone engozini yemoto enyantisa igazi,le ngozi yenzeke ezinthatha zamuhla ngoLwesihlanu.Kuthiwa le ngozi ibandakanye izimoto eziningi okubalwa kuzona ibhasi ebelilayishe abantu.Amagama alezi zikhulu uMnu Kenneth Mhlophe obenguShameni weqembu,isekela lakhe uSifiso Siziba kanye noMginimafa weqembu uMnu Nkani Khoza,obebheke kakhulu izimali zaleli qembu.Eminye imibiko esiyitholayo ithi kule ngozi kushone nesinye isizebenzi seqembu leHighlanders FC uMbalenhle Sibanda okusolakala ukuthi naye ube kanye nabo emotweni. Abafi bebesuka endaweni yaseKariba lapho iqembu labo belikade lidlale khona neqembu iZRP Kariba,liguqe ngeGoli eqandeni.
Isililo kushona izikhulu zeqembu le Highlanders FC eZimbabwe