Kuthungathwa oShayasbhamu abadubule babulala abantu abayiShumi nesikhombisa eWestrand

 

AmaPhoyisa aseGoli asezithendeni zoShayasbambu abayiSishiyagalombili(8) abadubule babulala abantu abayiShumi nesikhombisa(17) izolo ebusuku kwelinye lamaThaveni aseLokishini laseWedela,ngaseCarltonville eWestrand ngaphansi kukaMaspala iMerafong. Kuthiwa lezi Zinselaboya zigaleleke kwelinye lamaThaveni aseWedela zadedela inhlamvu kubantu ababekade behleli ngaphandle beziphuzela,zathi uma ziqeda zangena ngaphakathi nakhona zafike  zenza into efanayo.Kuthiwa lezi zigebengu bezikhuluma oLimi lwesiSuthu,zihlome ngezibhamu ezinhlobonhlobo obekukhona kuzo namaAK-47.Ngokusho kwamaPhoyisa athi abasolwa bayaziwa endaweni,amaPhoyisa aveze nokuthi asezithendeni zabo,bazoboshwa kungekudala.Uma uzokhumbula kahle ngoDisemba wanyakenye kulo leli Lokishi  kwenzeka isigameko esifanayo lapho kwadutshulwa khona abantu ababeziphuzela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *