Namuhla kuphela iminyaka engama 40 kwashona lowo owabe enguMongameli wezwe laseMozampikwe uMnu Samora Machel. Washona ngalo lolu suku lwango mhlaka 19 kuMfumfu 1986,washona engozini yeNdiza eyaphahlazeka endaweni yakwaMbuzini esifundazweni saseMpumalanga. UMnu Machel owayebuye ehole neqembu le Frelimo ayeqale ukulihola kusukela ngo 1970 kuya kuwona unyaka ka 1986.Namuhla abantu baseMozamoikwe bekanye nabaseNingizimu Afrika bahloniphe uMnu uMachel ngokuba bayobeka izimbali endaweni aphangalela khona. Kulabo bantu bekukhona noMama Graca Machel owabe enguNkosikazi wakhe,wabuye waba nguNkosikazi ka Baba uMandela.
Khanimambo Frelimo!