Uzikhungile obulale owabe eyintombi yakhe

AmaPhoyisa aseKwaZulu Natal asekuqinisekisile ukuthi uSibusiso Lawrence Ntaka obonakale kwiVido ezinkundleni zokuxhumana ekhuluma ngokubulala owabe eyintombi yakhe utholakala ezilingelisile esihlahleni esiseduze nalapho abulalele khona owabe eyintombi yakhe. Lona owesilisa ubulale owabe eyintombi yakhe maqede washutha iVido wayifaka kuFacebook wakhe. Kuleyo Vido uSibusiso ukushilo ukuthi uyena ubulale lona wesifazane , wabe  esakhale ngokuthi lona wesifazane udlale ngaye kakhulu waze wakhulelwa nengane okungesiyona eyakhe kodwa wamxolela kulokho. Lo mlisa uqhubekile kuleyo Vido wakhala ngokuthi intombi yakhe yamala ngoba isiphunyelwe izimali zikaRAF (imali oyithola uma uke waba sengozini yomgwaqo) kanti uyena owabe eyisiza ukuthi zitholakale. USibusiso kuthiwa ubewuThisha esikoleni samabanga aphansi iZiphozethu Primary School eStanger .Yena kuthiwa ungowokudabuka eScottburg . Isithombe sikaSibusiso sithathwe kuFacebook wakhe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *