Kuboshwe indoda ebanjwe noR1.2million ngaphansi koMbhede

Ziyikhalele indoda yaseTonga eduze naseKomatipoort eMpumalanga ebanjwe ithukuse izindodla zemali ngaphansi koMbhede.Ngokombiko wamaPhoyisa kuthiwa amaPhoyiswa ancizwe indlebe ngalo Mlisa obekuthiwa unesibhamu esingekho emthethweni asifihle endlini yakhe.Abe ngesenikela khona ngenhloso yokuyofuna leso sibhamu kanti azothola inqwaba yamaheheba ifihlwe ngaphansi koMbhede wale ndoda.Kuthiwa eziDalawana ziqhubekile noPhenyo lwazo zangena nakwamanye amagumbi zathola isikhwama esimnyama naso okuthiwa besigcwele sichichima amaheheba.Kuthiwa le ndoda ithe uma isibona ukuthi liyayishonela ngempela yazama ukugwazela amaPhoyisa ngoR50 000 kodwa kwanhlanga zemuka nomoya ngoba imizamo yayo ibhutshile.Kuthiwa kushaqwe imali ewuR1.2 million wemali yakuleli kanye nenye imali yaseMozambikwe engadalulwa inani layo.Le ndoda izovela maduze iNkantoko yeMansthi yaseNkomazi ngamacala athinta elokushushumbisa imali,ukuzama ukugwazela abomthetho kanye namacala athinta intela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *