Lihoxisiwe icala lokubulala ebelibhekene noXolani Khumalo(34) insizwa yaseTembisa eyaduma kakhulu ngenkathi isashayela uhlelo lukaMabonakude olwaziwa ngokuthi u’Sizokuthola”obeludlala kwiMoja Love.Lolu hlelo beluzingela abadayisi kanye nabashushumbisi bezidakamizwa.Kuthiwa ngoJuly 2023 ngenkathi uKhumalo kanye nethimba lakhe leSizokuthola beshutha(bethwebula)lolu hlelo bagasela emzini ka Robert Varrie owayesolwa ngokudayisa izidakamizwa.Kusolwa ukuthi ngenkathi besahloma uVarrie ngemibuzo bake bathi ukumthintathinta nokwaholela ekutheni agcine eseshonile.Umndeni kaVarrie wabe usuvula icala lokubulala ulivulela yena uKhumalo.Okwalandela lapho kwaba ukuboshwa kukaKhumalo kanye nonqanyulwa kwenkontileka yakhe nabakwaMoja Love.Ezikhindini wagcina ephumile kodwa ubesahamba izinkantolo mayelana nalo lelo cala lokusoconga uVarrie.Kusukela ngawo unyaka ka2023 uKhumalo ubesahamba izinkantolo mayelana nalo leli cala.Uze waphunyula okwesikhashana namuhla ngenkathi uMshushisi uAlbert Dwera ememezela ukuhoxiswa kwaleli cala enkantolo yasePalm Ridge Magistrate Court Ekurhuleni.UDwera uthi leli cala balihoxise ngoba befuna uphenyo luqhubeke kahle lungaphazanyiswa lutho.Ngenkathi exoxa nabezindaba-uKhumalo uthe kuyamjabulisa kakhulu ukuhoxiswa kwaleli cala ngoba usezothola isikhathi sokwenza ezinye izinto ezibalulekile.Uqhubeke wathi kuningi okumlahlekele ngenxa yaleli cala kodwa uthi unethemba lokuthi kukhona okuhle okusazoqhamuka ikakhulukazi ngasohlangothini lweBhizinisi kwazise leli cala beliphazamisa izinto eziningi kakhulu.
Selihoxisiwe icala lokubulala ebelibhekene noXolani Khumalo