Sekubanjwe abanye abasolwa kwelokunyamalala kweNtatheli yaseMpumalanga nesithandwa sayo

AmaPhoyisa aseMpumalanga abika ukuthi sekuphinde kwabanjwa abanye abasolwa abathathu kwelokunyamalala kwentetheli uSibusiso Aserie Ndlovu kanye nesithandwa sakhe uZodwa Precious Mdhluli.Kuzokhumbuleka ukuthi kamuva nje kunabanye abasolwa abahlanu abavele enkantolo yakwaMhlanga eMpumalanga ngamacala abala ukugqekeza,ukuthumba kanye nawokubulala lezi zithandani.Lokho kusho ukuthi sebeyi8(ISishiyagalolunye)manje abasolwa asebeboshiwe.AmaPhoyisa aveze amagama ababili kuphela kulaba abathathu abasanda kuboshwa.Amagama aveziwe uSello Skhalo Uoane noThato Madisha.Kuthiwa laba abathathu besekuyizinsuku impela bezingelwa abakwaSidlodlo.Bavelile nabo enkantolo yakwaMhlanga izolo ngoLwesithathu.Abasolwa ababoshiwe baphakathi kweminyaka eyi23 kuya kweyi43,bonke bayizizalwane zalapha eNingizimu Afrika.Ngokwemibiko yamaPhoyisa kuthiwa ngomhlaka 18 Febrwari  2025 laba basolwa bagqekeza umuzi walezi zithandani bantshontsha impahla yasendlini bathumba nalezi zithandani okusolakala ukuthi bagcina bezisocongile.Ngesonto eledlule amaPhoyisa athole izidumbu zabantu ababili esezonakele okusolakala ukuthi ezalezi zithandani.Lezo zidumbu ziseLebhu kumanje,zisahlolwa uLibofuzo.UNdlovu uyintatheli eyasungula uMsakazo iCapital Live FM eseMamelodi eTshwane.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *