Lihoxisiwe icala lokubulala uLikhona Fose ebelibekwe uMduduzi Mnisi

Usengokhululekile uMduduzi Mnisi waseRoodepoort obesenezinyanga ezimbili esezikhindini ngecala lokubulala intombazane esencane uLikhona Fose yaseDurban Deep khona eRoodepoort.Isidumbu sikaLikhona satholakala ehlathini eliseduze nendawo ayehlala kuyona imijondolo yaseDurban Deep mhla lulunye kuNhlangulana(June).Okwalandela lapho kwaba wukuboshwa kukaMnisi owethweswa icala lokubulala uLikhona.UMnisi waphika zisuka nje wathi akahlangani nokubulawa kukaLikhona,waphika waze wayelela nenkantolo ukuba ibheke imininingwane  yocingo lwakhe ngoba ngosuku okwabulawa ngalo uLikho yena wawengekho nokuba bikho eRoodepoort kepha wayesentombini yakhe ehlala eDaveyton.Intombi yakhe yabizwa impela eBhokisini loFakazi yafakaza yasho impela ukuthi ngosuku okwabulawa ngalo uLikhona isoka layo lalikanye nayo eDaveyton kwayo.Okunye okwatholakala ngenkathi kuqulwa leli cala wukuthi waba yedwa zwi ufakazi owathi uMnisi nguyena owaba umuntu wokugcina ukubonakala ehamba noLikhona.UMnisi uboshwa nje ubesazinikela njalo ngenyanga emaPhoyiseni aseduze naye ngecala lokuzama ukubulala ayeboshelwe lona eminyakeni eyedlule-wadedelwa ngoShwele(Parole)ngo2018.Ubezinikela emaPhoyiseni aseduze naye kanye  ngenyanga mayelana nawo uShwele.UMkhulumeli weNPA uPhindi Mjonondwanewe utshele abezindaba ukuthi lihloxisiwe icala ebelibekwe uMnisi ngoba imininingwane yocingo lwakhe lukaMakhalekhwukhwini ikhomba ukuthi impela wayengekho eRoodepoort ngosuku okwabulawa ngalo uLikhona,wayeseDaveyton njengokusho kwakhe.UMjonondwanewe ube esenxusa amalungu omphakathi angabe enolwazi mayelana nokubulawa kukaLikhona ukuba asondele emaPhoyiseni ezobika

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *