Sihlehlile isicelo seBheyili sikaMolefe osolwa ngokubulala uDJ Somebody

USomabhizinisi uKatiso“KT”Molefe(61)oboshelwe icala lokuba wuNgqondongqondo ekubulaweni kukaDJ Somebody uzoqhubeka esemaketangweni kuze kube wuLwesihlanu oluzayo.Lokhu kulandela ukuhlehla kwesicelo sakhe sebheyili ecaleni lokubulala uOupa John Sefoka owayedume kakhulu ngelikaDJ Somebody,naye okubikwa ukuthi wayenguSomabhizinisi.UDJ Somebody noNogada bakhe ababili oSibusiso Mokwena noSandile Myeza  babulawa ngeNhlokohlela yesibhamu yesibhamu yohlobo lweAK47 ngoNovember 2022 eWoodmead buqamama naseSandton.Kubikwa ukuthi sona kanye leso sibhamu yisona futhi esabulala noNjinela waseVereeniging uArmand Swart okuthiwa wabulawa kungaqondwe yena kodwa kuqondwe uMhlabiwekhwela owayenguZakwabo kaSwart enkampanini ayeyisebenzela.UMolefe waboshwa emasontweni ambalwa edlule esemzini wakhe eSandton.Okwamangaza abantu ngenkathi eboshwa wukuthi amaPhoyisa amfica ekanye noKenny Kunene uSopolitiki oyisekela Mengameli wePA.UKunene wathi uma eziphendulela wathi wayefike emzini kaMolefe ephelekezela intatheli eyayizoxoxa noMolefe mayelana nodaba lokubulawa kukaSwart.Ngenkathi uMolefe eboshwa ngesonto eledlule ubengaphandle ngebheyili kaR100 000 ngecala lokubulala uSwart.Isicelo sakhe sebheyili mayelana nelokubulala uDJ Somebody sihlehliselwe uLwesihlanu oluzayo sihlehliswa inkantolo yaseAlexanda,eGoli.UMbuso uchaze uMolefe njengomuntu oyingozi kakhulu ongahle axhaphaze ofakazi uma engahle anikwe ibheyile,uqhubekile uMbuso wathi angahle aphazamise bonke ubufakazi kanti nokubuleka aye kwelinye izwe engabaleka ngoba kusukela ngo2004 kuze kube namuhla usephume kuleli laseMzansi amahlandla ayi150.Kuyavela futhi ophenyweni ukuthi uMolefe ubandakanyeka kakhulu  ekudayisweni kwezidakamizwa kanti futhi kuyavela nokuthi uDJ Somebody ubulawa nje kungenxa yezimpi namagqubu alelo bhizinisi.Izinkabi okubikwa ukuthi zathengwa uMolefe ukubulala uDJ Somebody nazo zingaphakathi eJele,zizovela nazo maduze enkantolo.Lezo zinkabi uMichael Pule(55),Musa Kekana(35)kanye noTiego Floyd Mabusela(47).

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *