UCalvin le John owuShameni weqembu le Siwelele FC usexoshe uStan Matthews obeyiCEO yaleli qembu.Akagcinanga lapho uphinde wakhomba indlela noAndre Arendse obeyisekela likaMqeqeshi.UMqeqeshi waleli qembu uLehlohonolo Seema usaphephile okwamanje.Kuhambe laba ababili abeza neqembu mhla kuthengwa istatus kwiSupersport United.Enkulumeni yakhe ayethule ezinkundleni zokuxhumana u-le John oyindodana kaNgqongqoshe wezemidlalo nobuciko uGayton Makhenzi uthe baningi abasazohamba,uqhube wathi usenoHla lwabadlali asazobaxosha,abadlali abakhombisa ukungazimiseli.Uphinde wethembisa nokuthi iqembu lizosayina abadlali abasha maduze ababelelwa kwabahlanu kuya kwaba yisithupha.Isikhala sikaArendse sivalwe uWillem Jackson owake waba yisitobha seOrlando Pirates kanye neqembu lesizwe iBafana Bafana.Kanti esikaMatthews sona sivalwe intombi uLerato Kgolwanyane wakhona eFreestate endaweni yaseBotshabelo.nokho uzobamba okwesikhashana.