Bayizihlobo abasolwa ngokubulala uThishanhloko waseNxiweni Primary School

Bagcine bevelile enamuhla enkantolo yaseTembisa abasolwa ngokubulala uThishanhloko waseNxiweni Primary School kanye neAdmin Clerk wakhe.Icala labo lihlehliselwe umhla lulunye kuZibandlela.Amagama abasolwa uMokgadi Hope Shongwe(intombazane eyiFinance clerk) kanye noTuki Benjamin Maditsi.Kubikwa ukuthi laba ababili bangokaNina ngoba oMama babo bayizelamani.Lokhu kuvezwe uMalume wabo uBongani Nkosi ngenkathi exoxa nabezindaba.UNkosi uveze nokuthi uMaditsi unguDJ odumile endaweni yaseTembisa futhi ubuye abe wuMfundisi eBandleni lasePostoli.UNkosi uthi kumethuse kakhulu ukuzwa ukuthi uMshana wakhe ubulale abantu ababili ngoba yena umazi ewumuntu oyiMvu yenkosi.UShongwe usebenza eskoleni iNxiweni Primary School khona eTembisa.Kuthiwa kwanyamalala imali yalesi sikole eyevile kuR50 000.Abafi ababili okuwuNozibele Tabu(uThishanhloko)kanye noNobantu Njombini(Admin clerk)babe sebeqasha abacwaningi mabhuku(Auditors)ukuba baphenye ngalemali, bathola ukuthi leyo mali yangena kwiAkhawunti yaseBhanga kaShongwe.Kuthiwa uShongwe waphika walala ngomhlane ngenkathi ebuzwa ngokungena kwalemali kwiAkhawunti yakhe.Kanti uzoqasha umzawakhe njengeNkabi ukuba abulale abafi.Abezindaba bazamile ukuxhumana nomndeni wakwaShongwe kodwa kwanhlanga zemuka nomoya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *