Kuphela iminyaka eyi187 kwalwa impi yaseNcome

Namuhla kuphela iminyaka eyi187 kwalwa impi yaseNcome,eyayiphakathi kukaZulu kanye namaBhunu.Ngaleso sikhathi iNgonyama eyayibusa kwaZulu kwakuyiNgonyama uDingane ka Senzangakhona iNgonyama yaseMgungundlovu.Le mpi yalwa ngomhlaka 16 kuZibandlela 1838.Akucaci kahle ukuthi uluphi uhlangothi olwadla umhlanganiso kulempi ngoba oSomlando basho imiphumela engafani.Abanye bathi kwanqoba amaBhunu,abanye bathi kwanqoba uZulu.Imbangela enkulu yalempi kwaba yigqubu lamaBhunu kwiSilo uDingane esasibulale uPiet Mauritz Retief okwaqanjwa ngaye iDolobha iPiet Retief eselaziwa manje ngokuthi kuseMkhondo.UPiet wabulawa ngoNhlolanja(February)1838 kulandela ukubhadanywa kwakhe ekanye nabangane bakhe bezama ukukaka isigodlo saseMgungundlovu ebusuku.Impi yeSilo uDingane eNcome yayiholwa nguNdunankulu wesizwe uNdlela ka Sompisi Ntuli elekelelwa yisekela lakhe uNzobo kaSobadli wakwaNtombela.EyamaBhunu yona yayididiyelwa nguAndries Pretorious owayedume ngelikaNgalonkulu.Impi yaseNcome yelanywa yimpi yaseMaqongqo eyalwa ngoMasingana ka 1840.Le mpi yayiphakathi kweSilo uDingane noMntwana uMpande.UMntwana uMpande owayelekelelwa ngamaBhunu kaNgalonkulu wawudla umhlanganiso kulempi,kwaba wukuhlala kwakhe esihlalweni sobukhosi bukaZulu.EMaqongqo impi kaZulu yadidiyelwa ngabadidiyeli abafanayo oNdlela noNzobo.EkaMntwana uMpande yona yaholwa nguNongalaza ka Nondela Mnyandu.AMaqongqo izintaba ezimbili ezengamele umfula uPhongolo.

 

Khumu! 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *