AmaPhoyisa aseBoksburg aphenya icala lokuzama ukubulala kulandela ukuhlaselwa kukaWiandre Prerious ohlaselwe esangweni lomuzi wakhe namuhla ekuseni ngezithuba zo9.Ngokusho kukaKhomishana wamaPhoyisa aseGoli uJenene Tommy Mthombeni uthi uPretorious uhlaselwe ngamadoda angaziwa ngenkathi engena emzini wakhe.La madoda kuthiwa avele avulela ngenhlamvu.Ngenhlanhla uPretorious ukwazile ukuphuma emotweni yakhe wase ecambalala phansi.Kuthiwa kutholakale amagobongo ayi16 ezinhlamvu ezisetshenziswe yilezi sigebengu.Akukho neyodwa inhlamvu emthintile umfoka Pretorious.Igama lika Pretorious lake lathintwa kwiKhomishana ka Madlanga lithintwa nguFakazi D owasocongwa ngoZibandlela odlule.Kuyacaca ukuthi uPretorious ubefela ulwazi analo mayelana nokubulawa komuntu okuthiwa wabulawa waphonswa eDamini.Ngokusho kukaFakazi D kuthiwa lomuntu owaphonswa eDamini wabulawa nguMholi wamaPhoyisa omgwaqo aseKurhuleni osamisiwe uJenene Julius Mkhwanazi ekanye nabanye ozakwabo.Ngokusho kukaJenene Mthombeni kuthiwa akekho oseboshiwe ngaleli cala lokuzama ukubulala uPretorious.
Osinde ngokulambisa ogama lakhe lake lathintwa kwiKhomishana ka Madlanga